USUZO NGE-AKHAWUNTI YAKHO
Lesi sigaba sihlinzeka ngemibuzo eyejwayelekile ngokubhalisa, ukungena kwi-website, nokungena kwi-akhawunti yakho
Ukubhalisa Ezichazamazwini zakwa-Oxford
Uma ungumsebenzisi omusha, kuyodingeka ukuthi ubhalise Ezichazamazwini zakwa-Oxford ukuze ungene kwi-akhawunti yakho.
Ukubhalisa kumahhala – uyodinga kuphela ikheli le-imeyili
Igama lakho lomsebenzisi
- Igama lakho lomsebenzisi kufanele lingafani namanye – uma omunye umsebenzisi eselisebenzisile igama, ngeke ukwazi ukulisebenzisa.
- Uma useyenzile i-akhawunti yakho, igama lakho lomsebenzisi ngeke lisaguquka.
Ukwenza i-password
Uma ungumsebenzisi omusha, kuyodingeka wenze i-password. Ungayishintsha i-password yakho ekhasini lakho le-akhawunti
Ukuvikeleka kwe-password
- Ukuvikela umbhalo wakho Ezichazamazwini zakwa-Oxford ekuthini utholakale ngendlela engagunyaziwe, siphakamisa ukuthi usebenzise i-password enzulu.
- I-password enzulu inezinhlamvu okungenani eziyi-7 ubude, enenhlanganisela yofeleba nonhlamvana, izimpawu, nezinombolo, futhi okungenalo igama lakho noma amagama esichazamazwi aphelele.
- Siphakamisa ukuthi usebenzise i-password eyehlukile kwi-akhawunti yakho yakwa-Oxford kuleyo oyisebenzisela amanye ama-akhawunti akho e-inthanethi (isibonelo ukuthenga nge-inthanethi, ukubhenka, noma i-PayPal).
Ama-password asekhohlakele
Uma usukhohlwe yi-password yakho, uzokwazi ukubuye uyenze kabusha lapha.
Usizo ngokungena
Cofa ‘ngena’ phezulu ekhasini lasekhaya noma ngena lapha ngokuthi ubhale igama lakho lomsebenzisi ne-password. Uma ungakabhalisile esayithini, uzobona isixhumanisi lapho ungenza khona kanjalo.
Ngikhohlwe yi-password yami / i-password yami ayisebenzi
I-password yakho yehlukanisa phakathi kofeleba nonhlavana, ngakho bheka ukuthi awucindezelanga INKINOBHO YOFELEBA. Uma ukhohlwe yi-password yakho, uyokwazi ukuyenza kabusha lapha. Uma ucofa isixhumanisi, kuyodingeka ubhale ikheli le-imeyili le-akhawunti yakho, isixhumanisi sokwenza kabusha i-password yakho siyobe sesithunyelwa kuwe nge-emeyili. Uma ungayitholi i-imeyili emizuzwini embalwa, bheka ifolda yakho ye-junk email noma i-spam email.
Olunye usuzo lungena
Uma ungakakwazi ukungena, ucelwa ukuthi usithinte.