Letters

Ukusetshenziswa kwezivumelwano


Indlela ejwayelekile yokubhala IsiZulu, kuqala umenzi kuze isenzo kulandele umenziwa. Ngakho-ke uma sibhala umusho wesiZulu, kufanele kube khona ukuvumelana phakathi kukamenzi nesenzo. Lokho kuvumelana kwenziwa yisivumelwano sikamenzi esibhalwa ekuqaleni kwesenzo.  


Izibonelo:

  • Umuntu uyakhuluma.
  • Inja iyakhonkotha.
  • Ikati liyaphuza.


Isivumelwano sikamenzi sicishe sifane nesiqalo sebizo okuyisona esingumenzi emushweni. Isivumelwano zikamenzi sithathelwa esiqalweni sebizo. Iziqalo zamabizo ziyahluka ngezigaba ngezigaba. Izigaba zamabizo zibaluleke kakhulu uma (kubhalwa) noma kukhulunywa IsiZulu. Ngaphandle kokuqonda izigaba zamabizo ukubhala isiZulu angeke kwenze umqondo. Iziqalo zamabizo zima ngaphambi kweziqu zamabizo. Iziqalo zamabizo zibaluleke kakhulu ngoba yilapho kususelwa khona ukubhalwa komusho. Ukuze wazi ukuthi yisiphi isivumelwano okufanele usisebenzise, kufanele ukwazi ukubona isiqalo sebizo. Njengoba iziqalo zehlukile, nazo izivumelwano zizohluka ngenxa yeziqalo zamabizo. Isiqalo sebizo yisona esikhombisa ukuthi yisiphi isivumelwano okufanele sisetshenziswe ekubhaleni. Leso sivumelwano esikhonjiswa yisiqalo sebizo senza ukuthi kube khona ubudlelwano phakathi kwebizo nesenzo. Ngaphandle kwalokhu,  umusho ngeke uzwakale.  Lezi zivumelwano zibhalwa ekuqaleni kwesenzo (noma ekuqaleni kwalolo cezu lwenkulumo olusetshenzisiwe). Lolu hlelo lokuvumelana kweziqalo zamabizo lubaluleke kakhulu ngoba lusiza ukuthi lokho okubhaliwe kuzwakale kahle futhi kwenze umqondo.   


Uma sibhala sisebenzisa izabizwana zoqobo umuntu wokuqala sisebenzisa u- mina ngi- ubunye, ubuningi sisebenzisa u -thina si-. Kumuntu wesibili sisebenzisa wena u- ubunye, u-nina ni- ubuningi. Kumuntu wesithathu sisebenzisa  yena u- ubunye, nobona ba- ubuningi, okuyizona izivumelwano zezabizwana zoqobo.

Izibonelo:

  • Mina ngi-             Ngiyahamba.
  • Thina si-               Siyahamba.
  • Wena u-               Uyahamba.
  • Nina ni-                Niyahamba.
  • Yena u-                 Uyahamba.
  • Bona ba-              Bayahamba.


Ukusetshenziswa kwesivumelwano sikamenziwa kuncike ekutheni umenziwa ume kuyiphi indawo emshweni. Naso isivumelwano sikamenziwa sihlanganisa umenziwa nesenzo. Lokho kuhlangana kuletha ukuvumelana phakathi kukamenziwa kanye nesenzo. Isivumelwano sikamenziwa sima ngaphambi kwesiqu sesenzo. Isivumelwano asikwazi ukuhlukana nesiqu sesenzo. Nazo-ke izivumelwano zikamenziwa zithathelwa ezivumelwaneni zikamenzi. Sizobheka kuqala uma sisebenzisa isivumelwano soqobo bese sibheka lapho sisebenzisa ibizo. Izivumelwano zikamenziwa ziyafana nalezo zikamenzi ngaphandle uma isivumelwano singunkamisa. Uma unkamisa kungu-u sifaka u-ng- noma u-w, ngaphambi kwesivumelwano. Uma isivumelwano singu-i sifaka u-ngaphambi kwesivumelwano.

Izibonelo:

  • Uthisha uthanda mina. Uthisha uyangithanda.
  • Uthisha uthanda yena. Uthisha uyamthanda.
  • Umuntu ukhuluma isiZulu. Umuntu uyasikhuluma.
  • Usisi uthanda umfana. Usisi uyamthanda.


Uma sibhala sisebenzisa izivumelwano zezabizwana ezehlukene, singafikelela emishweni  enjenga le engezansi.

  • Isitsha sona lesi umbala waso muhle. (Sona, lesi kanye nowaso zikhombisa ukuvumelana nesiqalo isi- wesitsha.)
  • Bonke abafana abahle abaya esikoleni bathanda ukudlala ibhola.


Ngokunjalo namagama asetshenziswa ukuchaza ibizo/umenzi aba nezivumelwano zawo. Lamagama avela ezenzweni nasemabizweni. Nawo lamagama asebenzisa izivumelwano zawo kodwa ezingafani ncimishi nezivumelwano zomenzi. 


Izibonelo:

  • Amanzi ashisayo.                                            
  • Itiye elibandayo.                                             
  • Incwadi ebizayo.                                              
  • Isitshudeni esihlakaniphile.        
  • Umfana oyisilima.


Kodwa futhi kukhona iziphawulo ezichaza ibizo/umenzi. Nawo lamagama aneziqu zawo. Uma sisebenzisa wona ekubhaleni, sisebenzisa izivumelwano zawo ezibhalwa ekuqaleni kweziqu zeziphawulo.  


Izibonelo:

  • Umfana muhle.
  • Intombazane yincane. (incane)
  • Ikati likhulu.


Indatshana iba mnandi, ibe nomqondo futhi izwakale kahle uma sisebenzisa izivumelwano ezilungile. Uma singazisebenzisanga ngendlela indaba ayenzi umqondo. 

Nezihlanganiso ezithile ezinjengo noma, lapho, ngenkathi kanye nolapho; ngokunjalo ukusetshenziswa kwazo kuhambelana neziqalo zamabizo. Ngakho-ke kufanele izivumelwano zihambisane nomenzi. Lezi zivumelwano ziyahluka ngenxa yeziqalo zamabizo. Amabizo asesigabeni-1 no -1A ngoba angamabizo bantu, izivumelwano zakhona kuba ngu-e. Amagama akwezinye izigaba alandela izivumelwano zikamenzi njengokujwayelekile.


Izibonelo:

  • Ingane iyakhala uma umama ehamba.
  • Lase lishonile ilanga lapho ubaba efika.
  • Ngenkathi inja ikhonkotha ikati labaleka.


>>Iziqondiso zegrama, amacebo okubhala nokunyeokuningi>>



Imibono nolunye ulwazi okuqukethwe kokuthunyelwe kwe-OxfordWords nokuphawuliwe akubonisi imibono nendlela yokubona okuthile kwe-Oxford University Press.

Ixhaswe u-Oxford