
Ilungu Lenyanga: Sifundo Luthuli
Siye sathola amagama amangalisayo kule nyanga esichazamazwini esiphilayo. Besifuna ukubungaza ilungu lethu lenyanga ngokuthi sinikeze incazelo yalo emfushane. Lona umsebenzisi ofake amagama amaningi esichazamazwini esiphilayo sesiZulu.
- Yini eyakuheha ukuthi ube yingxenye yesichazamazwi esiphilayo sesiZulu?
Ngingumuntu oluthandayo kakhulu ulimi lwesiZulu, ukuthanda akusho lutho uma ngingaluvikeli ukutheni kushabalale. Kungakho ngibambe iqhaza.
- Ucabanga ukuthi umphakathi okhuluma isiZulu ungahlomula kanjani kuso?
Umphakathi ungahlomula lukhulu, ngingabala ukwazi amagama esiZulu ayiwonawona ahambisana nesikhathi samanje.
- Ngabe unalo igama noma isisho okuyintandokazi yakho kwesiZulu?
Ayikho inkomo yobuthongo
- Yiziphi ezinye izinto ongathanda ukuzibona esayithini yesichazamazwi esiphilayo?
Ngingathanda ukubona kuhunyushwa izaga nezisho.
Ungathanda ukuba yilungu lenyanga lesichazamazwi sesiZulu sakwa-Oxford?
Qala ufake amagama esichazamazwini namhlanje!